Lihlehlile icala lo msakazi osolwa ngokusabisa

Lihlehliselwe umhla zingama-29 ku-June 2016 icala lo msakazi wesiteshi somphakathi, Izwi lo Mzansi 98.0 FM, osolwa ngamacala okusabisa kanye nokwehlisa isithunzi owomdabu waseNdiya.

uSibisi ubevele enkantolo yeMantshi yase-Verulam ngoLwesine nalapho bekulindeleke ukuthi abekwe amacala aphinde athole isitatimende esifungelwe esiqukethe imininingwane mayelana namacala abhekene nawo.

Kodwa-ke lokho akwenzekanga njengoba kuye kwavela ukuthi kunesitatimende esishodayo sobufakazi obungatholakanga ngesikhathi nokuholele ekutheni kucelwe ukuba icala lihlehliswe.

uMmeli kaSibisi, uMpumelelo Zikalala, uthi yize noma bekuvumile ukuthi icala lihlehliswe kodwa bakubeke kwacaca ukuthi njengoba lihlehliselwe umhlazingama-29 ku-June 2016, uma ngukukuthi nangaleso sikhathi buyobe bungekho ubufakazi noma kube nezinye izizathu zokuthi icala lingaqhubeki, bayobe sebecela ukuba icala lihoxiswe.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: supplied

Related Posts