Odilikajele kowathumba, wadlwengula abesifazane bevela amathaveni

Ligwetshwe odilikajele abane kanye neminyaka engama-45 libhadla ejele ibhungu okuthiwa bese lineminyaka libamba abesifazane, libathumbe liphinde libadlwengule, e-Dundee, KwaZulu Natali.

uZamani Percivale Radebe, oneminyaka engama-24 ubudala, kuthiwa waboshwa emva kweminyaka efunwa amaphoyisa .

Kubikwa ukuthi  wayezingela abesifazane abavela emathaveni, uma sebegoduka. Kuthiwa ubebathumba aphinde abadlwengule nokuyinto okuthiwa yenzeka kusukela ngonyaka ka-2009 kwaze kwaba unyaka ka-2015.

Lokhu kwaholela ekutheni kuvulwe inqwaba yamacala okudlwengula esiteshini samaphoyisa e-Dundee.

NgoNovemba 2016, umsolwa waboshwa endaweni okwakhiwa kuyona, e-Dundee, kulandela uphenyo lwamaphoyisa.

Imiphumela yolibofuzo (DNA) yakuqinisekisa ukuthi umsolwa nguye lo obelokhu ehlukumeza abesifazane kule ndawo.

ngoLwesine i-Pietermaritzburg High Court igwebe u-Radebe odilikajele abane kanye neminyaka engama-45 ngaphezulu, ngamacala ayi-8 okuthumba kanye nokudlwengula.

uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, usamukele isigwebo esinikezwe umsolwa.

“Lokhu kuzothumela umyalezo oqinile nakwezinye izigilamkhuba ezidlwengula abesifazane esifundazweni,” kusho uNgobeni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts