Ugwetshiwe owadlwengula owesifazane emthembise umsebenzi

Ugwetshwe iminyaka engama-25 ebhadla ejele umlisa obebhekene namacala okudlwengula kanye nokubamba inkunzi owesifazane ayemuthembise umsebenzi.

Mhla zintathu ku-May 2014, ngezikhathi zehora lokuqala emini, kubikwa ukuthi owesifazane, oneminyaka engama-25 ubudala, wayesendleleni eya ekhaya nalapho uThulani Nzama (41) eza kuyena, wamuthembisa umsebenzi.

Ngengathi besahamba kubikwa ukuthi uNzama wajikela lo wesifazane, wamhlasela, maqede wamhudulela esikhotheni nalapho abe esemdlwengulela khona.

Waphinde wathatha ne-cellphone yalo wesifazane ngaphambi kokuba abaleke.

Lo wesifazane waze wasizwa umphakathi emva kokumemeza, ecela usizo.

Emva kwalokho umphakathi waphuma umkhankaso uthungatha umsolwa kwaze kwaba uyabanjwa.

Kwabe sekubizwa amaphoyisa nokulapho umsolwa abe eseboshwa khona ngamacala okudlwengula kanye nokubamba inkunzi.

ngoLwesine inkantolo yesiFunda KwaDukuza igwebe uNzama iminyaka engama- 25 ebhadla ejele emva kokuvela izikhathi iziningi enkantolo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts