Athi asazoqhubeka nokugasela emahostela amaphoysa

i-South African Police Service (SAPS) ithi imikhankaso yayo yokugasela emahostela adume ngezigameko zodlame nokubulawa kwabantu, KwaMashu kanye naseMlazi, isazoqhubeka kuze kube isimo sibuyela kwesejwayelekile kula mahostela.

Amaphoyisa ezinhlaka ezehlukene okubulwa uphiko lwe-K9 Unit, i-Pretoria and Durban Public Order Police, i-Flyingi Squad, i-Crime Intelligence kanye ne-Metro Police abeqhuba imikhankaso kulama hostela ngoLwesihlanu.

Umkhankaso wabo uqale e-Glebelands Hostel, eMlazi, eningizimu neTheku.

Kuleli hostela bavundulule isibhamu sohlobo lwe-Revolver kanye nezinye izikhali, iningi lazo obekuyimimmese.

Ngenkathi esekulo leli hostela amaphoyisa aphinde alandela umkhondo oholele ekuboshweni kwabasolwa ababili abatholakale nezibhamu ezintathu.

Basuke lapho banikela ehostela laKwaMashu, esigcemeni sakwa A, entshonalanga neTheku .

Kuleli hostela kuboshwe umsolwa oyedwa ngokutholakala nempahla eyebiwe, omunye ngokutholakala nezidakamizwa, kwaphinde kwaboshwa owesithathu ngecala lokudlwengula.

Nakhona kutholakale ezinye izikhali eziyingozi.

Amaphoyisa athi imikhankaso efana nalena isazoqhubeka kuze kube isimo sibuyela kwesejwayelekile kuphinde kuvalalwe zonke izigilamkhuba kulama hostela.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts