IPirates neSuperSport kowamanqamu kwi-Nedbank

i-Orlando Pirates izotholana phezulu ne-SuperSport United emdlalweni wamanqamu kumqhudelwano we-Nedbank Cup, mhla zinga-28 May 2016.

ngoMgqibelo ntambama iBhakabhaka lixebule i-Free State Stars ngo-4-2 emdlalweni wama-semi-finals e-Nedbank Cup, obuse-Goble Park, e-Free State.

Igoli lokuqala leZimnyama kube wumkhonto ogwaze ekhaya njengoba u-Lucky Mohomi, we-Stars, evele walihlaba ngekhanda kunozinti we-Stars ngomzuzu ka-24.

Ngomzuzu ka-38 u-Luvuyo Memela ushaye igoli lesibili lezimnyama, nokwenze ukuthi zihambe phambili ngo-2-0 esiwombeni sokuqala.

u-Ayanda Nkosi ushayele i-Stars igoli lokuqala ngomzuzu ka-55 kodwa kuvele kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada njengoba kuthe ngomzuzu ka-85 kwaphinde kwabuya yena futhi uMemela ezoshaya igoli lakhe lesibili emdlalweni.

Azigcinanga lapho ezikaMagebhula njengoba kuthe ngomzuzu ka-90, kwaqhamuka uThamsanqa Gabuza negoli lesine le-Pirates.

u-Mohomi ushayele i-Stars igoli lesibili ngomzuzu ka-91 nokwenze ukuthi umdlalo ugcine uphele ngo-4-2.

Ngakolunye uhlangothi, i-SuperSport ishaye i-Baroka FC, edlala kwi-National First Division (NFD), ngamagoli amabili eqandeni komunye umdlalo wama-semi-finals obuse-Lucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.

Amagoli e-SuperSport ashaywe u-Bradley Grobler kanye noThuso Phala.

i-Baroka nayo iyibhakuzisile inethi izikhathi ezimbili, esiwombeni sokuqala kanye nasesiwombeni sesibili kodwa kwaba-ama-offside.

Umdlalo we-final uzoba mhla zingama-28 May 2016, e-Peter Mokaba Stadium, ngo-15 : 00 ntambama.

amaTsatsatsa yiwona azobe edlalela ekhaya.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts