Babanjwe ‘beyobamba inkunzi abatshontshe imoto’

Abasolwa abane obasolwa ngokuntshontsha imoto bathololane phezulu namaphoyisa ngenganono nalapho kusoleka khona ukuthi bebesendleleni, beyobamba inkuzi.

La basolwa, abachazwe amaphoyisa njengabantu abayingozi, kubikwa ukuthi baboshwe o-Tongaat, KwaZulu Natali, ngoLwesihlanu, emva kokuthi amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Task Team, i-Organised Crime Unit, i-K9 Unit kanye ne-CAT, elunywe indlebe ngabasolwa.

Kubikwa ukuthi abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Golf kanti ngaphezu kwalokho kusolwa ukuthi bebentshontshe enye imoto yohlobo lwe-Toyota Hilux ,futhi beyobamba inkuzi kwenye indawo.

Ngokusho kwamaphoyisa athi athe angatheleka kubasolwa, emgwaqeni onguthelawayeka u-N2, abampintshela ekhoneni, nalapho ebasola khona ngokuthi babe sebevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

Emva kwalokho kube sekududulwana ngalo izulu lezandla nokuholele ekutheni kulimale umsolwa oyedwa, odubulekile.

Bobane abasolwa baboshiwe kanti kuphinde kwatholakala izimoto ezimbili ebezisetshenziswa abasolwa kanye namanye amathuluzi amaningi okusolakala ukuthi yiwo abebewasebenzisa uma ngabe bentshontsha izimoto.

Laba balisa ababoshiwe kusolakala ukuthi bayingxenye yeqembu lezigelekeqe elidume kabi nelaziwa ngokuthi i-Williams kanti baphinde bayamaniswe nezinye izigameko eziningi zokubanjwa kwenkuzi esifundazweni.

uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natali, u-Lieutenant General Mmamonnye Ngobeni, uthi lesi isexwayiso ezigebengwini ukuthi izinsuku zazo zibaliwe wathi bazoqinisekisa ukuthi izigebengu ziguqa ngamadolo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts