Kusolwa ukudlwengulwa kotholakale ebulewe epulazini

Kusolakala ukuthi kungenzeka ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe owesifazane okutholakale isidumbu sakhe epulazini eliku-Nottingham Road, Kwa-Harry, e-Balgowan.

Isidumbu sikaNqobile Mabaso, oneminyaka engama-28 ubudala, kubikwa ukuthi sitholwe ubaba wakhe ngoMgqibelo, ngezikhathi zabo-10:20 ekuseni.

Kubikwa ukuthi ubaba wakhe wabikelwa ngegazi elalingaphandle komuzi wakhe nokwathi uma elilandela wazithela phezu kwesidumbu sendodakazi yakhe.

Lo baba kubikwa ukuthi wayezitshela ukuthi isidumbu nje somunye umuntu ngenkathi esibona kodwa wathuka kwaphela nasozwaneni ngenkathi esethola ukuthi kanti isidumbu esendodakazi yakhe. Wakubona lokhu ngoba esebona amasokisi ayekade egqokwe indodakazi.

Lesi sidumbu satholakala siphonswe ngaphakathi kwisiqukathi esigcina izitshalo kanti ikhanda lona lalimbozwe ngo-pieace wengubo yakhe kanye nejezi.

Umufi kubikwa ukuthi utholakale enenxeba elivulekile ngemumva kwekhanda futhi wayenezibazi emzimbeni njengoba kukholakala ukuthi wahudulwa phansi.

Kwaphinde kwatholakala nokuthi i-cellphone yakhe yayingasekho kuyena.

Umufi wayekade egcine ukubonakala ebusuku ngezikhathi zehora lesi-21:30 nalapho abonwa khona umphathi wepulazi.

Kwabe sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa e-Nottingham Road ukuze kuphenywe.

Uphenyo lwaholela ekuboshweni kowesilisa oneminyaka engama-25 ubudala  kanti kwaphinde kwatholakala ucingo lalo wesifazane kuye lo mlisa.

Umsolwa kulindeleke ukuba agcinwe esitokisini kuze kube umhla zingama-23 May 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Credit: Wikipedia.org

Related Posts