Asevuliwe amabhishi abevaliwe eThekwini

uMasipala weTheku usubuye wawavula amabhishi abevalwe isigubukane ngoLwesithathu kulandela ukutholakala kwenqwaba yezinto zokwelapha nokuhlanza okubalwa kuzo amaphilisi, imijovo kanye namakhondomu, kulahliwe olwandle.

Kubikwa ukuthi lokhu kungcola kutholakale sekuchithekele ngaphandle osebeni lolwandle nokuyinto edale ukwesabela ukuthi kungase kube yingozi kubantu abavakasha ebhishi bezobhukuda noma begeza.

Kumabhishi athintekayo kubalwa uMngeni/Mangrove, i-Beachwood, i-Virginia kanye ne-Glenashley beach.

Kodwa-ke emva kophenyo olwenziwe uMasipala, uMnyango wezeMvelo KwaZulu Natali nasekuzwelonke kanye ne-Ezemvelo KZN Wildlife, ngoLwesine, uMasipala uthi kutholakale ukuthi ingxenye encane nje yalokhu kungcola equkethe izinto zokwelapha.

Kusoleka ukuthi lokhu kungcola kuqhamuke emithonjeni eyehlukene yemifula nengenela emfuleni omkhulu ophakela olwandle, uMngeni River, kulandela izimvula ezinamandla ebezihlasele eThekwini mumva nje.

Kodwa-ke yize noma esebuye avulwa lama bhishi uMasipala usuxwayise umphakathi ngokuthi uqaphele njengoba kusekhona izinselela zokungcola njengoba ukukhucululwa kwala mabhisi kusaqubheka.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

Related Posts