Kudutshulwe, kwabulawa umfana (13) edolobheni

Umfanyana omeminyaka eyishumi nantathu (13) ubudala udutshulwe, wabulawa enkabeni yedolobha e-Pietermaritzburg, ngoMgqibelo kusihlwa.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER 24, bathi bafike endaweni yesigameko, ku-Church Street, emva kokubikelwa mayelana nalokhu kudubula.

Ngenkathi befika bafice lo mfanyana elele phakathi nomgwaqo.

Bathe uma bemhlola bathola ukuthi unamanxeba okudutshulwa esifubeni kanye nasemlenzini kanti ubengakhombisi izimpawu zokuthi usaphila.

Abosizo lokuqala babe sebemphuthuma ngokumlekelela ukuba aphefumule (CPR) kanye nezinye izindlela zokulekelela umuntu osesimweni esibucayi ukuba aphile.

Emva kwemizuzu engama-30 benza lokhu, bagcine beliphosile ithawula njengoba bezingekho izimpawu ezikhombisa ukuthi lo mfanyana usaphila.

Ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile khona endaweni yesigameko.

Akukakacaci ukuthi kube yini imbangela yokudutshulwa kwalo mfanyana.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts