Kushone ababili kushayisana iloli neveni

Abantu ababili bashonile ngengenkathi kushayisana iloli kanye neveni ngoMgqibelo, ekuseni,  emgwaqeni u-R33, e-Albert Falls, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER 24, bathi bafike endaweni yesigameko ngezikhathi zasekuseni  nalapho befice khona iloli kanye neveni ohlangothini lomgwaqo kanti zombili lezi zimoto bezilimele kabi.

Bathe uma behlola isimo bathola izidumbu ezimbili zabesilisa zilele ebangeni elingamamitha ambalwa eduze neveni.

Abakwa-ER 24 bathi bobabili laba balisa, abalinganiselwa eminyakeni engama-30 ubudala, balimale kabi kanti babe sebehlonzwa njengabantu asebedlulile emhlabeni khona endaweni yesigameko.

Kodwa-ke umshayeli weloli yena kubikwa ukuthi utholakale engenamyocu.

Kukholakala ukuthi umshayeli weveni imphunyukile imoto , nokuholele ekutheni iveni lingene elolini.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts