Kushone oyedwa, kwalimala abangu-15 kushayisana amatekisi nemoto

Kushone owesilisa, kwaphinde kwalimala abantu abayi-15 ngenkathi kutholana phezulu amatekisi amabili kanye nemoto encane emgwaqeni u-R55  e-Waterfall, e-Johannesburg, ngeSonto ntambama.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola zontathu lezi zimoto zisohlangothini lomgwaqo.

Enye yamatekisi kanye nemoto encane bezihlangene ngamakhanda nokushiye izingcucu zigcwele phansi.

Umshayeli wale moto encane, olinganeselwa eminyakeni engama-30 ubudala,  utholakale evaleleke ngaphakathi emotweni yakhe. Ngenkathi etholakala bese kusemva kwendaba njengoba ubesevele edlulile emhlabeni ngenxa yokulimala kabi.

Kuye kwadingeka ukuthi abatakuli basebenzise izingxawu ukuze bamtakule.

Abanye abantu abayi-15 nabo batholakale belimele endaweni yesigameko okubalwa nabashayeli bamatekisi womabili.

Abalimele belashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela.

Abantu ababili abebesesimweni esibucayi kudingeke ukuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ngendiza enophephela emhlane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts