Ushayiswe yimoto washona owebhayisekila

Kushone owesilisa emva kokuthi eshayiswe yimoto, washona ngenkathi ehamba ngebhayisekila ngase-Gordon’s Bay, e-Western Cape.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola lo wesilisa elele maphakathi nomgwaqo kanti enye yama-ambulance ibisivele ikhona endaweni yesehlakalo.

Abosizo lokuqala bathole ukuthi lo mlisa ubesevele eseshonile ngenxa yokulimala kanzima kanti ube esehlonzwa njengomuntu osedlulile emhlabeni khona endaweni yesigameko.

Kukholakala ukuthi lo mlisa ushayiswe yile moto esendaweni enyukelayo.

Kodwa-ke imoto emshayisile kubikwa ukuthi ibingabonwa nangokhalo endaweni yesehlakalo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts