Kudutshulwe, kwabulawa iphoyisa nonogada eMlazi

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa kanye nonogada ezigamekweni okukholakala ukuthi zihlobene eMlazi kanye naseSipingo, entshonalanga neTheku.

Lezi zigameko kubikwa ukuthi zenzeke ngoMsombuluko, ngezikhathi zabo-19:00, kusihlwa.

Kubikwa ukuthi u-Warrant Officer Jabulani Didi, oneminyaka engama-54 ubudala, kanye nelinye iphoyisa elinguzakwabo, bebezulazula eMlazi ngenkathi bethola umbiko mayelana nesigameko sokubulala esenzeke esigcemeni sakwa-U, khona eMlazi.

Ngenkathi befika endaweni yesigameko batshelwe ukuthi kunomsolwa oqeda kubulala unogada.

Babe sebehlala ezithendeni zomsolwa ngokwencazelo abayitholile ngomsolwa nokuthi ubalekele ngakuphi.

Bathe bangafika eduze nase-Sipingo Primary School, la maphoyisa abe esebona umsolwa nalapho okusolw ukuthi uvele wavulela ngenhlamvu.

u-Warrant Officer Didi kubikwa ukuthi udubulekile, washona ngaleso sikhathi.

Emva kwesigameko kubikwa ukuthi umsolwa udle phansi kanti namanje usagcwele izinkalo.

Kubikwa ukuthi unogada obulewe, uZimele Nzama (38) naye ubesemsebenzini ngenkathi edutshulwa umsolwa esigamekweni okubikwa ukuthi senzeke ngezikhathi zabo-18:50, kusihlwa.

Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMlazi ukuze kuphenywe.

uKhomishana wamaphoyisa osabambile KwaZulu Natali, u-Major General Bhekinkosi Langa, ukugxekile ukubulawa kwelinye futhi iphoyisa esifundazweni waphinde wadlulisa amazwi enduduzo emndenini kaDidi.

“Unkosikazi wakhe naye uyilunga le-SAPS futhi sizoqinisekisa ukuthi umndeni uthola ukwesekwa okufanele kwi-SAPS,” kusho uLanga.

uLanga uthi uphiko lwama-Hawks seluqalise uphenyo ngalesi sigameko wathi banethemba lokuthi  bazombamba umsolwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

Related Posts