I-IFP isilumemezele usuku lwe-manifesto

Inkatha Freedom Party (IFP) isilumemezele usuku lokwethulwa kwasomqulu wayo wezethembiso zokhetho (manifesto) njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016.

Usuku lokwethulwa kwe-manifesto yaleli qembu lozoba mhla ziyi-12 June 2016, ngehora leshumi ekuseni, e-King Zwelithini Stadium, eMlazi, eningizimu neTheku.

Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kuphinde kudalulwe uhlelo lwe-IFP lokukhankasela ukhetho kanjalo nabantu okuyibona iqembu elizogadla ngabo okhethweni.

“Yilapho sizotshela khona abantu baseNingizimu Afrika ukuthi yini esingayenza, siphinde sibakhombise ukuthi kungani siyiqembu elikufanele kunawo wonke ukuphatha ,” kubeka leli qembu esitatimendeni.

Inkulumo yosuku kulindeleke ukuba yethulwe nguMengameli wayo i-IFP, u-Prince Mangosuthu Buthelezi.

i-Manifesto ye-IFP iza esikhathini lapho umbango wokuhola omasipala kanye namawadi kuleli ushisa phansi kanti emaqembu amaningi aseqalile ukukhankasela ukhetho.

Okunye okulindeleke ukuthi kwenze umbango ushube kulolu khetho ukwanda kwesibalo samaqembu amasha, amanye azobe engenela ukhetho lohulumeni basekhaya okokuqala.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts