Kudutshulwe abantu ababili epulazini

Abantu ababili batholakale bedutshuliwe, oyedwa washona, kwathi omunye walimala kanzima epulazini elise-Richmond, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa olinganiselwa eminyakeni engama-70 ubudala elele kusofa, enenxeba lokudutshulwa esifubeni.

Kodwa-ke besekusemva kwendaba njengoba ubesevele eshonile ngenxa yalokhu kudubuleka kanti ube esehlonzwa njengomuntu osedlulile emhlabeni khona endaweni yesigameko.

Omunye wesilisa, naye olinganiselwa eminyakeni engama-70 ubudala, utholakale endaweni yesigameko esesimweni esibucayi njengoba kade enamanxeba amaningi okudutshulwa esifubeni.

Ube eselashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela.

Yize noma ingacaci imbangela yalesi sigameko kodwa okhulumela amaphoyisa, uThulani Zwane, ucashunwe kwabakwa-news24 ethi owesilisa osindile bekungumnini wepulazi.

“Umnikazi wepulazi kusolakala ukuthi udutshulwe wase walimala epulazini lakhe e-Byrne Village,” kusho uZwane.

“Umsolwa uphendule isibhamu wasibhekisa kuyena,” kuqhuba uZwane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts