Ushonele etekisini odutshulelwe phakathi nomgwaqo

Kushone owesilisa esigamekweni okusolakala ukuthi ngesokudubulana kwimpambanamgwaqo ya-Benares kanye no-Patna Road, e-Botha’s Hill, eThekwini.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa  ER24, bathi bafike endaweni yesigameko sekuvele kugcwele amaphoyisa .

Bathi bathole isidubu sowesilisa silele esihlalweni somshayeli etekisini.

Bathe uma bemuhlola bathola ukuthi ubesevele eshonile ngenxa yamanxeba amaningi okudutshulwa.

Abekho abanye okubikwe ukuthi balimele kulesi sigameko kanti nembangela yalokhu kudubulana ibingakacaci.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikimedia.org

Related Posts