I-EFF isiwuqalile umkhankaso wayo eKZN

i-Economic Freedom Fighters (EFF) isiwuqalile umkhankaso wayo esifundazweni iKwaZulu Natali ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngomhla zintathu ku-August 2016.

u-Commander in Chief (CIC) waleli qembu, u-Julius Malema, uyena okulindeleke ukuba athule izinkulumo emihlanganweni eyehlukene i-EFF eyihlele nomphakathi.

NgoLwesihlanu leli qembu belinomhlangano womphakathi e-Settlers Park Stadium, e-Ladysmith.

NgoMgqibelo kulindeleke ukuba libambe imihlangano emibili ezoba seSikhawini Shopping Centre, eMhlathuze, kanye nase-Luthuli Centre, KwaDukuza.

NangeSonto kulindeleke ukuba kube neminye imihlangano emibili e-Edendale Lay Centre, e-Pietermartzburg kanye nasenkundleni yezemidlalo, eMlazi Comtech High School.

NgoLwesibili kubikwe ukuthi abalandeli be-EFF batholane phezulu nabe-African National Congress (ANC) nokuhelele ekutheni kudutshulwe elinye lamalunga e-EFF emlenzeni .

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: EFF Facebook Page

Related Posts