U-SABC angeke usayisakaza imibhikisho enodlame

Inhlangano yezokusakaza ngomoya kuleli, i-South African Broadcasting Corporation (SABC), isithathe isinqumo sokuthi ingabe isazisakaza izigameko ezinodlame nokucekelwa kwempahla uma kunemibhikisho yemiphakathi.

Ngokwale nhlangano ithi ikholwa ukuthi ukusakazwa kwalezi zigameko ezinodlame kumabonakude yikhona okugqugquzela ukuthi zibhebhetheke.

“Isinqumo sidalwe ukuthi besilokhu sibheka izinto eziningi ebezilokhu zenzeka sase sabona ukuthi besicoshela yonke le mibhikisho ebiyenzeka futhi ngaso sonke isikhathi uma kunamakhamera abantu babanomkhuba wokuthi benze konke okusemandleni ukuthi benze izinto ezifana nokucekelwa phansi kwempahla.

“Sikholwa ukuthi sesithathe isinqumo njenge-SABC sokuthi asizukukugqugquzela ukuziphatha okunje,” kubeka okhulumela i-SABC, u-Kaizer Kganyago, ngenkathi enengxoxo nomsakazo wakwa-SABC.

i-SABC imemezele lezi zindaba ngesitatimende esithunyelwe kwabezindaba ngoLwesine.

“i-SABC njengomsakazeli womphakathi sithanda ukukugxeka ukushiswa kwezikhungo zomphakathi futhi sesithathe isinqumo sokuthi angeke sisayikhombisa imibukiso yabantu abashisa izikhungo zomphakathi ezifana nezikole kunoma ngabe iziphi izindaba zethu kusukela manje,” kubeka isitatimende.

Le nhlangano ayigcinanga nje lapho njengoba iphinde yanxusa nezinye izinkampani ezisakazayo kanye nezishicilelayo (print) ukuthi ziyeseke kulesi sinqumo ngokuthi nazo zingabe zisazicoshela noma zikhombise imibhikisho enodlame nokucekelwa kuyo izikhungo zomphakathi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: sabc.co.za

Related Posts