Ikhale ngaphansi iPirates kowe-Nedbank

i-Orlando Pirates ayilibonanga elidlalayo ngenkathi ibhekene ne-SuperSport United emdlalweni wamanqamu we-Nedbank Cup, e-Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu ezikaMagebhula zihlulwe ngamagoli amathathu kwamabili (3-2) yize noma bekuyizo ebezihamba phambili ngemizuzu yokuqala.

Ezimnyama yizona ezilihlabe kuqala enethini ngegoli lika-Luvuyo Memela ngomzuzu ka-12.

Kodwa-ke injabulo yamaBhakabhaka isheshe yaphela njengoba kuthe ngomzuzu ka-14 kwaqhamuka u-Jeremy Brockie washaya elokulinganisa.

Emva kwalokho kuvele kwanhlanga zimuka nomoya kwi-Pirates njengoba kuphinde kwabuya wona futhi amaTsatsatsa negoli lesithathu elivalelwe ngu-Bradley Grobler ngomzuzu ka-30.

Ezika-Stuart Baxter zivele zakhombisa ukuthi zifuna ukuqeda nya ngeBhakabhaka njengoba ziphinde zabhakuzisa inethi ngomzuzu ka-41 nokuqinisekise ukuthi kuyiwa ekhefini ziqengqeleza ngamagoli amathathu kwelilodwa.

Ngesiwombe sesibili i-SuperSport izigwaze ngowayo njengoba u-Clayton Daniels elihlabe ngasekhaya kwaba ngu-3-2.

Kodwa-ke yize noma eZimyama bese zenzelwe umsebenzi kodwa zihluleke zancama ukushaya elokulinganisa. Kwale noma sekwengezwe imizuzu eyi-7 esikhathini esengezwe unompempe.

i-SuperSport United iyona egcine iphakamisa indebe ebigaqelwe ngamaqembu amaningi ye-Nedbank Cup 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts