Kuzovalwa imigwaqo ngosuku lwe-Comrades Marathon

uMasipala weTheku usumemezele ukuthi imigwaqo eminingi ezindaweni ezakhele iTheku izovalwa njengoba kuzobe kunomjaho waminyaka yonke, i-Comrades Marathon, ngeSonto mhla zingama-29 May 2016.

Umjaho walo nyaka uzoqala e-Pietermaritzburg City Hall ngo-5:30am kanti kuhlelwe ukuba uphele ngo-5: 30pm enkundleni yezemidlalo, i-Sahara Stadium, Kingsmead, eThekwini.

iTheku lithembisa ukuthi amaphoyisa edolobha azobe etshalwe ezindaweni ezehlukene ukuze alekelele abashayeli.

Lena ngeminye yemigwaqo ezothinteka:

  • Alexandra Road
  • Ritchie Road
  • Washington Road
  • Market Road
  • Polly Shortts Road
  • Ashburton Road
  • N3 Lion Park
  • UMlaas Road
  • Camperdown
  • Cato Ridge
  • Eddie Hagen Drive
  • Thousand Hills Drive
  • Alverstone Road
  • Kassier Road
  • Inanda Road
  • Winston Park
  • Everton Road
  • M13 west-bound
  • Kloof Old Main Road
  • Field’s Hills
  • St John’s Avenue
  • Otto Volek
  • King Cetshwayo Highway
  • 45th Cutting
  • N3 east-bound
  • N3
  • Pine Street
  • Walnut Road

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts