Kugqame abaseMzansi kwi-Comrades Marathon

Abagijimi baseNingizimu Afrika yibona abavelele uma beqhathaniswa nabakwamanye amazwe emjahweni waminyaka yonke, i-Comrades Marathon 2016, ebingeSonto.

Umjaho wakulo nyaka uqale e-Pietermaritzburg City Hall ngo-5:30am kanti ubuyibanga elingama-89.13 km, njengoba kade uphela enkundleni yezemidlalo, i-Sahara Stadium, Kingsmead, eThekwini.

Umgijimi wakuleli, u-David Gatebe, uziqophele umlando ngokuphuma phambili emqhudelwaneni wabesilisa waphinde waphula nerekhodi obekuyilo eliphezulu lika-5 hours, 19 minutes, 45 seconds.

u-Gatebe wenze irekhodi Elisha lika-5 hours, 18 minutes, 19 seconds.

Indawo yesibili ithathwe ngomunye futhi umgijimi waseNingizimu Afrika, u-Ludwick Mamabolo, nothathe u-5 hours, 24 minutes, 05 seconds ukuthi ashaye intambo.

u-Mamabolo bekuvele kulindelekile ukuba enze kahle njengoba ngonyaka ka-2012 kwaba nguye owadla umhlanganiso ethatha indawo yokuqala.

Indawo yesithathu nayo ithathwe ngomunye waseNingizimu Afrika, u-Bongmusa Mthembu, esikhathini esingu-5 hours, 26 minutes, 39 seconds.

Kubagijimi abayishumi abahambe phambili, abayi-8 babo ngabaseNingizimu Afrika.

Emqhudelwaneni wabesifazane nakhona kuphinde kwagqama abagijimi baseNingizimu Afrika njengoba kwabayishumi abahambe phambili, abayi-7 kubo kube ngabaseNingizimu Afrika.

u-Charne Bosman uyena othathe indawo yokuqala ngesikhathi esingu-6 hours, 25 minutes, 55 seconds.

u-Bosman uphuce u-Caroline Wostmann iqatha emlonyeni njengoba kade kunguye obelokhu eqengqeleza phambili isikhathi eside kodwa wabuye wabonakala esedonsa kanzima kanti kwesinye isikhathi ubebuye ahambe kancane noma ame.

u-Bosman uvele wadlula u-Wostmann sengathi umile sebemaphakathi nedolobha iTheku. Lokho kuholele ekutheni agcine ethatha indawo yesibili ngesikhathi esingu-6 hours, 30 minutes, 44 seconds.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts