Isidayisiwe iMpumalanga Black Aces

Abaphathi beqembu elidlala esigabeni se-Premier Soccer League (PSL), i-Mpumalanga Black Aces, sebekuqinisekisile ukuthi leli qembu lifakwe endalini futhi konke sekuqediwe ngokudayiswa kwalo.

Ngokwesitatemende esikhishwe yilabo abebengabaphathi baleli qembu, u-Mario Morfou, kanye no-George Morfou, bathi bathathe lesi sinqumo ngoba ibhizinisi lo mndeni, i-Lakama, liphezu kwezinhlelo zokukhula ngakho angeke besakwazi ukuthi baqhubeke nokuzibambela mathuba eqenjini.

Lezi zelamani ziphinde zakuqinisekisa nokuthi leli qembu lidayiselwe obenguMphathi we-Ajax Cape Town, nayo egijima kwi-PSL, u-John Comitis.

Emasontweni amabili adlule i-Ajax Cape Town ikhiphe isitatimende nalapho imemezele khona ukushiya kwa-Comitis, obeyi-shareholder kuleli qembu.

Lokhu kwaqubula ukuqagela ngokuthi kungenzeka yini ukuthi yingoba esezothenga i-Amazayoni.

Abaphathi be-Mpumalanga bebelokhu beshona ezintangeni ngezindaba zokudayiswa kwe-Aces.

Emva kokuvela kwalezi zindaba sekuvele imibiko yokuthi abanye babadlali be-Aces badunguza ebumnyameni ngekusasa labo njengoba iqembu selinomphathi omusha.

Kodwa-ke esitatimendeni, abaphathi asebeshiya, bathembise ukuthi zonke izivumelwano zokusebenza zabadlali kanye nabanye abasebenzi zizohlonishwa.

Okunye abaphinde bakuveza ukuthi iqembu lidayiswe ngomubandela wokuthi lizoqhubeka nokuzinza esifundazweni, i-Mpumalanga.

i-Aces iqede isendaweni yesine ku-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angama-47.

Lesi yisitatimende esiphelele sokuqinisekiswa kwezindaba zokudayiswa kwe-Black Aces:

It is with extreme sadness and regret that the Chairmen of MPBA, Mario & George Morfou, hereby would like to confirm the sale of their club.

“We are immensely proud to have achieved, what we have achieved over the past 13 years as owners of this franchise. This last season’s achievements were simply short of outstanding, thanks to a world class coach and a crop of highly ambitious players & staff.

When our late father passed away in 2011, his dying wish was that we take care of our mother and focus on the family business, Lakama; a hospitality and logistics company. Since then we have continued running the family business to the extent of its continuous growth. We are in the process of expanding and this requires our undivided attention and financial resources.

We have always had a very ‘hands on’ approach with the running of our club, and we have continuously at a huge personal & financial cost maintained the club.

With the expansion of our family business this has now become humanely impossible.

This has led us to the decision to accept the offer made to us by John Comitis to sell our PSL franchise.

We have made it a condition that the club remains in Mpumalanga.

Selling this club is like tearing out a piece of our hearts. We have played for this club, we have cried for this club and have bled for this club. The decision we made was not easy, but we did this for the good of our family business and ultimately for the good of the game.

All the players & staff contracts will be honoured and we believe that in John Comitis we have found an experienced and respectable football person to take the name further.”

Regards

Mario Morfou and George Morfou Chairmen: Mpumalanga Black Aces Football Club

 

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts