Isikhulu sakwa-Capitec Bank sithi amanye amakhasimende aleli bhange asolwa ngokuba yingxenye ya-MMM, avele avuke indlobane uma ethola ukuthi kuvalwe ama-account awo.
Lokhu kuvele ngenkathi i-CEO yakwa-Capitec, u-Gerrie Fourie, enengxoxo ekhethekile nabakwa-Fin24.
u-Fourie udalule ukuthi leli bhange selivale ama-account angaphezu kwezi-2000 abanikazi bawo abayingxenye ya-MMM.
u-MMM uyingxenye ya-MMM Global kanti lowo usolwa ngokuba umsunguli wayo, u-Sergey Mavrodi, ongowase-Russia, kubikwa ukuthi wake waboshwa ngenxa yokuthinteka kwenye yama-pyramid schemes ethathwa njenganenkulu emhlabeni.
u-MMM uthembisa inzuzo engu-30% kulabo abasuke betshale noma benikele ngemali yabo.
“i-Ponzi scheme, u-MMM, ube nomthelela omkhulu kuthina,” kusho u-Fourie.
Uthi emva kokuthola ulwazi ngo-MMM, ibhange belilokhu libheke ngeso lokhozi ukukhishwa nokufakwa kwemali ehlobene no-MMM, nokwaholela ekutheni kugcine kuvalwa ama-account alabo abathintekayo phambilini onyakeni ka-2016.
Kodwa-ke lokhu akwehlanga kahle kumalunga e-MMM adume ngokuzikhulumela uma kukhona abagxeka lolu hlelo.
“Amanye amakhasimende avele aba nodlame olukhulu futhi kudingeke ukuthi silethe onogada,” kuchaza u-Fourie.
u-MMM awusiyo inkampani ebhalisiwe, usebenza online, kanti nawo uthathwa njengamanye ama-pyramid scheme noma ‘amabhanoyi’ afika ngodumo emphakathini bese eyaphahlazeka ekuhambeni kwesikhathi.
Esikhathini esingaphambilini kuye kwabikwa ukuthi u-MMM Global, usuvele usuphahlazekile.
Kodwa-ke labo abayingxenye yawo u-MMM bathi akusilo iqiniso ukuthi uyibhanoyi, bathi wona uwuhlelo lokunikela nje ngemali futhi abekho abasafake izikhalo ngawo.
Bagxeka amabhange kanye nabezindaba ngokungafuni ukuba babe ne-‘financial freedom’.
Image: Wikimedia.org