Usagcinwe esitokisini umlisa osolwa ngokubhokoda ngommese izingane zakhe ezimbili zashona e-Ladysmith, KwaZulu Natali.
NgoMsombuluko, mhla zingama-30 May 2016, ngezikhathi zabo-20:00, kusihlwa, kubikwa ukuthi umsolwa (33) waya ekhaya lentombi yakhe elise-Gudlintaba, e-St Chads, e-Ladysmith.
Kuthiwa wafike wathola lezi zingane zakhe zilele wabe esezibulala ngokuzigwaza emqaleni kanye nasesiswini.
Ngenkathi umama kanye nogogo wengane bevela ekubhaceni bathola uBongukwenza Mlungiseni Mdladla (4) kanye no-Thandiwe Lusanda Mdladla (6) sebeshonile.
Kwabe sekubikelwa amaphoyisa ngesigameko kwaphinde kwaqala nomkhankaso wokuthungatha umsolwa.
NgoLwesibili zigcine zimkhalele umsolwa nalapho eboshwe esedolobheni, e-Ladysmith. Umsolwa ubhekene namacala amabili okubulala.
NgoLwesithathu umsolwa uvele enkantolo yeMantshi e-Ladysmith nalapho ephinde wavalelwa khona esitokisini kuze kube umhla zingama 29 June 2016.
views@liveexpress.co.za
news@liveexpress.co.za
Image: Pixabay.com