Athukuthele ayaveva amanye amalunga eqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), ngalokho akubize ngokufunzwa abantu abazomela iqembu okhethweni kumawadi nakomasipala njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016.
NgoLwesine bekuwusuku lokugcina lokuhanjiswa kwamagama abazongenela ukhetho ngaphansi kwamaqembu noma ngokuzimela enhlanganweni eyangamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission ( IEC).
Ngawo uLwesine, ntambama, amalunga e-ANC anganeme abhikishe ngaphandle kwekomkhulu lale nhlangano e-Luthuli House, e-Johannesburg.
La malunga akhala ngokuthi uhlu lwamagama ahanjiswe kwa-IEC, abazongenela ukhetho, akusibo abantu abebebakhethile emawadini, kodwa bafunziwe bona.
Lama lunga athi angeke aze alubhade emcimbini wokwethulwa kwe-manifesto ye-ANC, e-Gauteng, ozokube use-FNB Stadium.
Amanye amalunga e-ANC asesabise ngokuthi azongenela ukhetho ngokuzimela uma kungukuthi uhlu lwe-ANC aluguqulwa.
Kodwa-ke i-ANC ithi laba abebebhikisha abantu nje abanganeme ngoba befuna kufakwe amagama abangani babo ohlwini lwabazongenela ukhetho yathi futhi banelungelo lokungenela ukhetho ngokuzimela uma bethanda.