i-African National Congress (ANC) esifundazweni i-Gauteng isithembise ukuthi izoyigcwalisa phama inkundla yezemidlalo enkulu kunazo zonke kuleli, i-FNB Stadium, e-Johannesburg, e-Soweto.
Leli qembu elibusayo lizobe lethula usomqulu walo wezethembiso zokhetho (manifesto) ngoMgqibelo, njengoba luya ngokusondela usuku lokhetho lohulumeni basekhaya oluzobe lumhla zintathu ku-August 2016.
uKhongolose usanda kutheleka ngehlazo ngenkathi uhluleka ukugcwalisa inkundla yezemidlalo i-Nelson Mandela Stadium, e-Eastern Cape, ngenkathi wethula i-Manifesto yawo.
i-Nelson Mandela Stadium imumatha abantu abayi-46 000 kanti i-FNB yona imumatha abantu abayi-94 736, nokusho ukuthi isibalo sabantu abamumathwa yi-Nelson Mandela Stadium siphindeka kabili ukuze kucishe kugcwale i-FNB.
Kusukela kuqale isonto i-ANC e-Gauteng ibilokhu imatasatasa, ikhankasa umuzi nomuzi ngaphambi kwale-rally esiyichaze ngokuthi iyona ezoba nkulu kunawo wonke aseke aba khona kulo nyaka ezweni.
Le-rally iza esikhathini lapho i-ANC ihlukene phakathi kwamanye amagatsha namawadi njengoba kukhona abanganeme ngohlu lwabantu abazomela iqembu okhethweni lohulumeni basekhaya.
NgoLwesine bekuwusuku lokugcina lokuhambisa amagama abantu abazongenela ukhetho kwa-Independent Electoral Commission (IEC).
Emahhovisi ahlukene e-ANC bekumatasatasa ngaphambi komqamulajuqu wokuhanjiswa kwamagama kwa-IEC.
Ekomkhulu le-ANC, e-Luthuli House, e-Johannesburg, kube nombhikisho wamalunga e-ANC azwakalise ukungenami ngohlu lwabantu abazongenela ukhetho njengoba bekhala ngokuthi akusibo la bantu ababakhethile kodwa ‘bafunziwe’.
uNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, uchaze labo abebebhikisha njengabantu abangesiwona amalunga aqondile nathembekile e-ANC.
uMengameli we-ANC nophinde abe nguMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, kulindeleke ukuba ethule inkulumo yosuku kwi-rally yeqembu e-FNB.
i-ANC e-Gauteng ithi izokhipha amabhasi ayi-1800 azobe ethutha abalandeli beqembu ukuya e-FNB.
views@liveexpress.co.za
news@liveexpress.co.za
Image: Flickr.com