Ulale ebaliwe umlisa osolwa ngokubanjwa oqotsheni ngabakwaSidlodlo ekhipha imali kwi-ATM ngamakhadi akwa-South African Social Security Agency (Sassa), nokuyisikhungo esisingethe izibonelelo zikahulumeni (grant).
Amaphoyisa ophiko lwe-Umlazi K9 Unit abevele ezingela lo msolwa emva kokulunywa indlebe ngezenzo zokukhwabanisa ebezenzeka eManzimtoti.
Ngenkathi efika kule ndawo athi abhadame umsolwa , oneminyaka engama-25 ubudala, eduze ne-ATM, ekhipha imali.
Kuthiwa ubephethe amakhadi angama-36 akwa-Sassa kanti nama-pin code abebhalwe kuwona amakhadi.
Ube eseboshwa maqede wayovalelwa esiteshini samaphoyisa khona eManzimtoti. Uzobekwa amacala okukhwabanisa kanye nokuphula umthetho we-Electronic Communication and Transaction Act.
uKhomishana wamaphoyisa osabambile, u-Major General Bhekinkosi Langa, uthi amaphoyisa asazophenya ukuthi umsolwa uwathole kuphi futhi kanjani la makhadi akwa-Sassa.
views@liveexpress.co.za
news@liveexpress.co.za
Image: SAPS