Abantu abayi-8 bathole ukulimala ngenkathi kutholana phezulu amatekisi amabili ekhoneni la-New Eisleben kanye no-Lansdowne Road, e-Phillipi, e-Cape Town.
Kukholakala ukuthi enye yalama tekisi iphunyukile, maqede yayongena kwenye nokuholele ekutheni igingqike.
Ngokusho kokhulumela abosizo lokuqala abakwa-ER24, u-Pieter Rossouw, uthi ngenkathi abosizo lokuqala befika kule ndawo bathole enye yala matekisi ilele ngecala.
Uthi emva kokubahlola laba abalimele bathole ukuthi bebenokulimala okungatheni kanti abanye bathole imihuzukwana nje.
u-Rossouw uthi abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ngokwehlukana.
Image: ER24