Iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) KwaZulu Natali (KZN) selikumemezele ukushintshwa kongqongqoshwe abane kuhulumeni wesifundazwe.
Lokhu kushintshwa kongqongqoshe bese kuvele kulindelekile ikakhulukazi emva kokusula esikhundleni kwalowo obenguNdunankulu wesifundazwe, uSenzo Mchunu, ngo-April 2016.
Emva kokusula kwa-Senzo Mchunu kwabe sekubekwa lowo obenguNgqongqoshe wezokuthutha nokuphepha komphakathi, u-Willes Mchunu, esikhundleni sobuNdunankulu.
uSihlalo we-ANC esifundazweni, uSihle Zikalala, uyena osezoqhoqhobala isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho kanye nezokuvakasha, nokuyisikhundla ebesiphethwe ngu-Mike Mabuyakhulu.
Lowo obenguNgqongqoshe wezemfundo, u-Peggy Nkonyeni, naye akasindanga ezembeni njengoba isikhundla sakhe sesizophathwa uMthandeni Dlungwane.
uBongi Sithole-Moloi uyena osezoba nguNgqongqoshe wezemidlalo, ezamaciko kanye namasiko, nokuyisikhundla ebesiphethwe u-Ntombikayise Sibhidla-Saphetha.
uThemba Mthembu uzothatha izintambo kulowo obenguNgqongqoshe wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, u-Cyril Xaba.
uMnyango wezokuthutha nokuphepha komphakathi usuzophathwa uMxolisi Kaunda.
Kuzokhumbuleka ukuthi isikhala kulo mnyango savuleka ngenkathi u-Willies Mchunu eqokelwa kwesikaNdunankulu emva kokusula kukaSenzo Mchunu.
Imibiko yokuthi yibaphi oNgqongqoshe abazodliwa yizembe kanjalo nabazongena ezikhundleni zabo iye yaqina ngenkathi kuvela izindaba zokusula kwaSenzo Mchunu.
Image: ANC Twitter account