Uphiko lwama-Hawks luthole izidakamizwa ezilinganiselwa enanini elingu-R15 million, ngokwenani lasemgwaqeni, echwebeni lolwandle, eThekwini.
Ngokusho kwama-Hawks lezi zidakamizwa zohlobo lwe-methamphetamine, nedume ngokuthi i-‘tik’, zitholakale zifihlwe ezikhwameni obekukhona kuzo namabhokisi okudla.
oKlebe bebeqhuba umkhankaso emva kokuthola ulwazi ngalezi zidakamizwa.
Okwamanje akekho osaboshiwe kodwa lolu phiko loKlebe luthi ukhona umkhondo oluwulandelayo.
Image: Hawks