Ongqongqoshe abane kwabasanda kuqokelwa ezikhundleni zobungqongqoshe eminyangweni ehlukene KwaZulu Natali bafungisiwe ngoLwesibili.
NgoMsombuluko i-African National Congress (ANC) KwaZulu Natali (KZN) ikhiphe ongqongqoshe abane ezikhundleni yabe isiqoka abasha.
Bayisihlanu ongqongqoshe abaqokiwe sebebonke njengoba owesihlanu, uMxolisi Kaunda, yena engene esikhaleni esavuleka ngengathi u-Willies Mchunu, eqokelwa kwesobuNdunankulu. uMchunu obenguNgqongqoshe wezokuthutha, ukuphepha nokuxhunyaniswa komphakathi.
uSihle Zikalala ufungiswe njengoNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kanye nokuvakasha; uBongi Sithole-Moloi yena ufungiswe njengoNgqongqoshe wezemidlalo, ezamaciko kanye nezamasiko; kwase kwathi u-Mthandeni Dlungwane yena wafungiswa njengoNgqongqoshe wezemfundo.
Kodwa-ke lowo oqokwe njengoNgqongqoshe wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, uThemba Mthembu, akazange afike kulo mcimbi wokufungiswa njengoba naye bekulindeleke ukuba afungiswe kanye nabanye ongqongqoshe aqokwe nabo.
Imibiko ithi uMthembu ubesalindele ukuzwa ukuthi i-South African Communist Party (SACP), anguNobhala wayo, iyamvumela yini ukuba athathe lesi sikhundla. Kubikwa ukuthi ucele ukuba anikwe u-24hrs ukuze acabangisise ngokuqokwa kwakhe nokuthi athathe isinqumo sokuthi uyakwamukela yini.
Kodwa-ke ngokuhamba kosuku, ngawo uLwesibili, i-SACP ithe isimvumele u-Mthembu ukuba athathe lesi sikhundla kodwa yazwakalisa ukungenami ngendlela aqokwe ngayo yaphinde yagxeka isinqumo sokushintshwa kongqongqoshe ikakhulukazi njengoba sekubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya mhla zintantu ku-August 2016.
uMthembu kulindeleke ukuba afungiswe ngoLwesithathu njengoNgqongqoshe.
views@liveexpress.co.za
news@liveexpress.co.za
Image: Flickr.com