Amaqembu angu-37 agaqele iCape Town kwi-DA

Isifundazwe, i-Western Cape, yisona esizoba nesibalo esikhulu samaqembu azongenela ukhetho kunazo zonke izifundazwe njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016.

Ngokusho koyi-Vice Chairperson ye-Independent Electoral Commission (IEC), u-Terry Tselane, angama-77 amaqembu azongenela ukhetho e-Western Cape, bese kulandela i-Limpompo ngamaqembu angama-56, abe ngama-45 e-Gauteng bese eba  ngama-43 e-Eastern Cape.

i-Northen Cape yisona isifundazwe esinesibalo esincane samaqembu azongenela ukhetho njengoba eyi-18 nje kuphela.

Njengoba amaqembu amaningi azongenela ukhetho ese-Western Cape kubukeka sengathi maningi amaqembu aconsela amathe idolobha elikhulu kulesi sifundazwe nasezweni lonke, i-Cape Town. Angama-37 amaqembu ezepolitiki azongenela ukhetho e-Cape Town.

Njengamanje i-Western Cape yisona kuphela isifundazwe esiphethwe yi-Democratic Alliance (DA) kanti nalo idolobha, i-Cape Town, liphethwe yi-DA.

i-Johannesburg iyona elandela isibili ngesibalo esiphezulu samaqembu azongenela ukhetho kumadolobha angama-Metropolitan (Metro) njengoba engama-28, abe ngama-26 eThekwini nase-Ekurhuleni, abe ngama-20 eTshwane, abe yi-19 e-Nelson Mandela Bay bese eba yi-13 e-Mangaung.

Umasipala ozoba nesibalo esincane samaqembu azongenela ukhetho komasipala abangama-Metro yi-Buffalo City, ese-Eastern Cape, njengoba eyi-10 nje kuphela amaqembu azongenela ukhetho kuleli dolobha.

Angama-204 amaqembu ezepolitiki ahambise uhlu lwabantu abazowamela okhethweni kwa-IEC ngaphambi kosuku olungumqamulajuqu ngoLwesine, mhla zimbili ku-June 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

Related Posts