Ulivumile icala obeqola izizumbulu, ethembisa amathenda

Owesifazane osolwa ngokuqola abantu izizimbulu zemali ngokubathembisa amathenda emnyangweni kahulumeni ulivumile icala abhekene nalo.

Icala lalo wesifazane liyamaniswa nesigameko samhla zingama-28 April 2016 nalapho kwaboshwa khona abesilisa ababili ngamacala afanayo.

Kubikwa ukuthi abesilisa ababili, abaneminyaka engama-37 nengama-58 ubudala, bathembisa owesilisa ithenda yemali eyi-R158 million emnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu.

Kusolwa ukuthi babe sebeyalela lo wesilisa ukuba aqale akhiphe imali engama-R600 000 akuze aqinisekise ukuthi uyayithola le thenda.

Kodwa-ke inkukhu yasheshe yawusola umgqakazo kulo wesilisa njengoba wabe esethinta amaphoyisa ukuze kuphenywe.

Mhla zingama-28 April 2016 lo wesilisa wahlangana nabasolwa emahhovisi akwa-Human Settlements, e-Pietermaritzburg, nalapho laba solwa babe sebekhombisa lo wesilisa amaphepha angumgunyathi

Babe sebemcela ukuba akhokhe idiphosithi eyisamba semali engama-R300 000, engukheshi. Amaphoyisa abe esengena ngaso leso sikhathi abopha abasolwa bobabili.

Kusolakala ukuthi laba kungenzeka ukuthi bahlobene namanye amacala angama-29 okukhwabanisa.

NgoLwesine, i-Durban Commercial Court igwebe u-Anna-Malay Chetty iminyaka eyi-5 ebhadla ejele noma inhlawulo engu-R150 000. Lokhu kwenzeke emva kokuthi u-Chetty elivumile icala abekwe lona lokukhwabanisa.

Abanye abasolwa abane kulindeleke ukuba bavele e-Durban Commercial Crime Court ngoLwesibili bebhekene namacala afanayo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

Related Posts