Owesilisa obhekene namacala okubulala izingane zakhe ezimbili ngokuzibhokoda ngommese usewavumile amacala abhekene nawo.
Mhla zingama-30 May 2016, ngezikhathi zabo-20:00, kusihlwa, kusolwa ukuthi uMkhonzeni Bernard Mdladla (33) waya ekhaya lentombi yakhe elise-Gudlintaba, e-St Chads, e-Ladysmith.
Kubikwa ukuthi wafike wathola izingane zakhe zilele wabe esezibulala ngokuzigwaza emqaleni kanye nasesiswini.
Ngenkathi umama kanye nogogo wezingane bevela ekubhaceni bathola uBongukwenza Mlungiseni Mdladla (4) kanye no-Thandiwe Lusanda Mdladla (6) sebeshonile.
NgoLwesine uMdladla ubevele eNkantolo eNkulu eMadadeni nalapho ewavumile amacala amabili abhekene nawo wase elahlwa yinkantolo ngamacala womabili.
uMdladla kulindeleke ukuba agwetshwe ngoLwesihlanu.
views@liveexpress.co.za
news@liveexpress.co.za
Image: Pixabay.com