Ugwetshwe iminyaka engu-60 obulale izingane zakhe

Ugwetshwe iminyaka engamashumi ayisithupha (60)ebhadla ejele umlisa obebhekene namacala okubulala izingane zakhe ezimbili ngokuzibhokoda ngommese, e-Ladysmith, KwaZulu Natali.

Mhla zingama-30 May 2016, ngezikhathi zabo-20:00, kusihlwa,  kusolwa ukuthi uMkhonzeni Bernard Mdladla (33) waya ekhaya lentombi yakhe elise-Gudlintaba, e-St Chads, e-Ladysmith.

Kubikwa ukuthi wafike wathola izingane zakhe zilele wabe esezibulala ngokuzigwaza emqaleni kanye nasesiswini.

Ngenkathi umama kanye nogogo wezingane bevela ekubhaceni bathola uBongukwenza Mlungiseni Mdladla (4) kanye no-Thandiwe Lusanda Mdladla (6) sebeshonile.

NgoLwesine uMdladla ubevele eNkantolo eNkulu eMadadeni nalapho ewavumile amacala amabili abhekene nawo wase elahlwa yinkantolo ngamacala womabili.

NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu eMadadeni igwebe  uMdladla iminyaka engama-30 ebhadla ejele ngecala lokubulala indodana yakhe yaphinde yamgweba eminye iminyaka engama-30 ngecala lokubulala indodakazi yakhe.

Zombili lezi zigwebo uzozidonsa ngesikhathi esisodwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts