Kushone abathathu, kwalimala abangu-20 kushayisana amatekisi

Okungenani bathathu abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile, kwathi abanye abalinganiselwa emashumini amabili (20) balimala ngenkathi kutholana phezulu amatekisi amabili emgwaqeni u-R114 e-Randburg, e-Gauteng.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko kanye nabanye bezimo eziphuthumayo, bathola amatekisi womabili eboqokile.

Bathi eyodwa yala matekisi ibilele ngohlangothi ngenkathi enye iseceleni komgwaqo.

Babe sebethola inqwaba yabagibeli begcwele phansi nokukholakala ukuthi bachithwe enye yala matekisi.

“ Kutholakale ukuthi abesilisa abathathu bese bevele beshonile ngenxa yokulima okubi, okuningi endaweni yesigameko. Okungenani ezinye iziguli ezinhlanu zitholakale endaweni yesigameko zisesimweni esibucayi,” kusho abakwa-ER 24.

Abantu ababili okubikwa ukuthi bebesesimweni esibucayi kuye kwadingeka ukuthi baphuthunyiswe ezibhedlela ngezindiza ezinophephela emhlane ukuze bathole ukwelashwa okusheshayo.

Ngokusho kombiko wabakwa-ER24, babalelwa eshumini nanhlanu (15) abanye abantu abatholakale endaweni yesigameko benokulimala okungatheni kanti abanye bebenemihuzukwana. Babe sebelashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezehlukene ukuze bathole okunye ukwelashwa.

Abakwa-ER24 bathi asicaci kahle isibalo esiqondile sabantu abalimele njengoba bebebaningi abezimo eziphuthumayo abavela ezikhungweni ezehlukene.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts