Umlisa okusolwa ukuthi uyathinteka ngezidakamizwa ezilinganiselwa enanini elingu-R15 million ezitholakale echwebeni laseThekwini ngoMsombuluko usekhalelwe ngamasango kaSigonyela.
Lo mlisa oneminyaka engama-37 ubudala uboshelwe e-Johannesburg, e-Auckland Park, emva komkhankaso obungumshusha phansi obuqhutshwa uphiko lwama-Hawks.
NgoMsombuluko, uphiko loKlebe lwathola izidakamizwa eziyisisindo esingama-60 kilograms zohlobo lwe-crystal methamphetamine, edume ngele-tik.
Lezi zidakamizwa zazifihlwe ezikhwameni okwakukhona kuzo namabhokisi okudla.
Ngokusho koKlebe, umsolwa uzothuthelwa eThekwini nokuyilapho okulindeleke ukuthi abekwe khona amacala ngokusemthethweni uma esevela enkantolo yemantshi maduzane.
iNhloko yama-Hawks, u-Lieutenant General Mthandazo Ntlemeza, uthi basazoqhubeka nophenyo kuze kuba kuboshwa wonke umuntu othintekayo.
Image: Hawks