Uhulumeni kaZuma ugcwele inkohlakalo namahlazo: IFP

uMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi uhulumeni oholwa nguMengameli u-Jacob Zuma, unguhulumeni ogcwele inkohlakalo kanye namahlazo ahlale ebikwa kwabezindaba.

Ukusho lokhu njengoba kade ethula umhlahlandlela we-IFP wokhetho lohulumeni basekhaya enkundleni yezemidlalo, i-King Zwelithini Stadium, eMlazi, ngeSonto.

uButhelezi uthi uZuma njengoMengameli wezwe akekho msulwa enkohlakalweni egcwele “kuwo wonke amazinga kahulumeni”. Uthi ngaphansi kobuholi baZuma inkohlakalo sekuyinto yemihla ngemihla.

“ Umuntu angeke akwazi ukuba angasikhumbuli isisho esithi nxa inhlanzi ibola, ukubola kuqala ekhanda layo, enhloko. Ihlazo emva kwehlazo, ngemva kwelinye ihlazo. Libhebhetheka emaphephandabeni ezwe.

Lo mholi we-IFP uqhube wathi isimo senkohlakalo akusiso isimo okufanele kube yiso izweni wathi kodwa ushevu usungene kuwo wonke amazinga kahulumeni njengoba ethi nezikhulu zikahulumeni zinikeza abangani, izihlobo kanye nobhululu amathuba kanye namathenda.

Uqhube wathi i-IFP yilona iqembu abantu abasangalethemba eNingizimu Afrika.

“Ungayethemba i-IFP, ungasethemba thina.” kubeka uButhelezi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: www.ifp.org.za

Related Posts