Kulimale abangu-22 kushayisana izimoto eziyi-7

Abantu abangamashumi amabili nambili (22) bathole ukulimala ngenkathi kushayisana izimoto eziyisikhombisa (7) emgwaqeni onguthelawayeka u-N14, ngase-Trichard, ePitoli.

Ngokombiko wabosizo lokuqala abakwa-ER24, bathi le ngozi ibibandakanya amatekisi amabili kanye nezimoto ezincane ezinhlanu.

Kukholakala ukuthi lezi zimoto ziphunyukile njengoba umgwaqo ubumanzi ngenxa yemvula.

Abakwa-ER24 bathi ngenkathi befika endaweni yesigameko bathole ukuthi bonke abalimele bese bevele bephumile ezimotweni kanti bathole ukulimala okungatheni abanye baba nemihuzukwana.

“Ngenhlanhla, abekho abalimale kakhulu noma abebesesimweni esibucayi,” kubika abakwa-ER24.

Abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela i-Mediclinic Meulmed kanye ne-Kalafong Hospital ukuze bathole okunye ukwelashwa.  Abanye baphuthunyiswe kwezinye izibhedlela.

Kubikwa ukuthi ukuhamba kwezimoto kuye kwaphazamiseka emva kwale ngozi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts