Uhulumeni waseNingizimu Afrika uthi usumi ngomumo ukusingatha ingqungquthela yokubhunga ngesifo sengculazi, i-21st International AIDS Conference, ezobanjelwa eNingizimu Afrika.
Le ngqungquthela izobe ise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, kusukela mhla ziyi-18 July 2016 kuya kumhla zingama-22 July 2016.
uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, u-Jeff Radebe, uthi iNingizimu Afrika isikulungele ukwamukela izithunywa ezibalelwa ku-18 000 kanye nezintatheli eziyi-1000 ezivela emazweni engama-180 ahlukene.
u-Radebe uyena ohola ikomiti le-AIDS2016 nokuyikomiti elaqokwa uMengameli, u-Jacob Zuma. Leli komiti libandakanya ongqongqoshe abayi-16, uNdunankulu waKwaZulu Natali kanye neMeya yeTheku.
“Ngokwemibiko esiyithole emhlanganweni wasekuseni, sigculisekile ukuthi iNingizimu Afrika isikulungele ukwamukela umhlaba wonke futhi isingathe i-AIDS 2016 eyimpumelelo, lapho kuzoqopheka umlando ekuqhubeni impi yomhlaba wonke yokulwa ne-HIV, i-AIDS kanye ne-TB,” kusho u-Radebe.
iNingizimu Afrika kanye neTheku abasiwona amavukana ekusingatheni umcimbi ngokubambisana ne-International Aids Society njengoba eminyakeni eyi-16 eyedlule basingatha ingqungquthela yeshumi nantathu (13) eThekwini.