Usengumqeqeshi wePirates uMuhsin Ertugral

i-Orlando Pirates isimemezele u-Muhsin Ertugral njengomqeqeshi omusha walezi zinkunzi zase-Soweto.

Leli qembu limemezele lokhu ngoLwesibili kusihlwa nalapho liphinde laveza khona ukuthi lisayinde inkontileka yeminyaka emithathu nalo mqeqeshi.

Lo mqeqeshi ucashunwe kwi-website yaleli qembu ethi ujabule ngalo msebenzi omusha wokuqeqesha elinye lamaqembu amakhulu e-Afrika.

“Leli yiqembu elinomlando omkhulu nosiko. Ngibheke phambhili ekubeni yingxenye yomndeni we-Orlando Pirates futhi ngibonga uMengameli ngokungethemba asekukhombisile kumina,” kubeka u-Ertugral.

Oyi-Administrative Officer kwi-Orlando Pirates, u-Floyd Mbele, uthi u-Ertugral ungumqeqeshi owaziwayo ngolwazi kanye namagalelo akhe.

Lo mqeqeshi uzongena ezicathulweni zika-Eric Tinkler nobese kulindelekile ukuthi ijazi lizogcwala umoya emva kokuthi amaBhakabhaka eqede isizini ka-2015/2016 engatholanga ngisho neyokubika indebe.

u-Ertugral useke waqeqesha amaqembu amaningi okubalwa kuwo i-Kaizer Chiefs, i-Ajax Cape Town kanye ne-Mpumalanga Black Aces, okuyiyona agcine eyiqeqesha ngesizini ka-2015/2016 nagcine eyibeke endaweni yesine kwi-log.

Kulindeleke ukuba aqale umsebenzi mhla lulunye ku-July 2016.

Okunye okuphinde kwavela ukuthi uSihlalo we-Orlando Pirates, Dr Irvin Khoza, uhlangane nalowo obengumqeqeshi waleli qembu, u-Tinkler, nokuthi bazophinde bahlangane futhi mhla zizine ku-July 2016 ukuze baqedele izingxoxo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Orlando Pirates Facebook Page

Related Posts