Ugcine ekhalelwe amasango kasiGonyela umlisa osolwa ngokushushumbisa kanye nokuthumba izingane ezintathu ezweni lase-Swazini, eyodwa yazo wayidlwengula.
Lo mlisa oneminyaka enga-40 ubudala, ongowokudabuka eSwazini, uboshelwe icala lokushushumbiswa kwabantu, ukuthwala, ukundlwengula kanye nokuphula imithetho ephathelene nokungena ezweni.
Kusolwa ukuthi wathwala ngenkani izingane ezintathu ezineminyaka eyi-5, eyi-7, kanye neyi-13 ubudala, e-Swazini, ngonyaka ka-2015.
Ngenkathi eseseNingizimu Afrika kusolwa ukuthi ubelokhu edlwengula le ngane eneminyaka eyi-13 kwaze kwaba iyakhulelwa.
Umsolwa uboshwe ngoLwesithathu emva kokuthi uphiko loKlebe lulandele umkhondo ngokubonakala kwakhe.
Ama-Hawks athi izingane zitakulwe ngesonto eledlule zase zibekwa endaweni ephephile.
“Izinhlelo zokubahlanganisa nomama wazo ozizalayo ziyaqhubeka,” kusho ama-Hawks.
Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yesiFunda eThekwini, ngoLwesihlanu.
Image: Pixabay.com