Umnyango wezokusebenza komphakathi (Public Works) usukhiphe isexwayiso kubafundi nabantu abaneziqu abafuna umsebenzi ukuthi baqephele isikhangiso esingumbombayi (scam) nesithembisa ama-learnership angama-700 kulo mnyango.
Kubikwa ukuthi lesi sikhangiso mbumbulu sithembisa ukufaka abafundi emikhakheni eyehlukahlukene nokubalwa kuyo i-brick laying, i-plumbing,i-carpentry, i-boiler making, i-tilling kanye neminye imikhakha.
Okhulumela umnyango waka-Public Works, uThami Mchunu, uthi yize noma lo mnyango usuke wabaqeqesha futhi usaqhubeka nokuqeqesha amakhulu ngamakhulu abantu abasha kule mikhakha ngohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) kodwa akuthembiswa kwabantu imisebenzi kwi-internet, izinkundla zokuxhumana (social networks), ama-SMS kanye no-WhatsApp, kuwukukhohliswa kwabantu.
Kubikwa ukuthi lolu hlelo olungumbombayi lune-link ethatha labo abafuna imisebenzi ibafake lapho kunesikhangiso semisebenzi yakulo mnyango. Kuphinde kube nombhalo obhalwe ngamagama amakhulu othi: “Public Works Learnership Programmes”.
Uma ngabe ungena kwi-link yemisebenzi ube usungenela kwi-Facebook page nelicela ukuba ufake imininingwane yakho.
uMchunu uthi abantu okuthiwa yibona okumele kuxhunyanwe nabo kule website, okungu-Ester Sehlapelo kanye no-Linda Kaseke, abasibona abasebenzi basemnyangweni.
Uqhube wathi abantu abafuna ukufaka izicelo zama-learnership kubalulekile ukuthi baqale baqinisekise ubuqiniso bezikhangiso kuqala ngaphambi kokuba bakhiphe imininingwane yabo.