Kulimale abayi-7 kushayisana izimoto ezintathu

Abantu abayisikhombisa basale belimele ngenkathi itekisi lishayisana neveni kanye nemoto encane kwimpambanamgwaqo ya-Malibongwe kanye no-South Africa Road, entshonalanga ne-Johannesburg, ntambama.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola zontathu izimoto zisohlangothini lomgwaqo.

Bathi bathe uma behlola isimo bathola ukuthi abantu abayisikhombisa bathole ukulimala.

“Ngenhlanhla, zonke iziguli zithole ukulimala okuncane kuphela,” kubika abakwa-ER24.

Laba babe sebethola ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela eziseduzane ukuze bathole okunye ukwelashwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts