Kulindelwe uVZ kwi-manifesto ye-NFP

Kulindeleke ukuba abonakale okukuqala ngqa phambi kwezinkumbi zabantu  kulandela ukuxinwa ukugula umholi we-National Freedom Party (NFP), u-Zanele kaMagwaza-Msibi.

Oka-Magwaza-Msibi wahlaselwa yisifo sohlangothi (stroke) ngo-November 2014 kanti kusukela lapho ubelokhu engabonakali emphakathini.

Mhla ziyi-18 June 2016, ngoMgqibelo, i-NFP izobe yethula usomqulu wayo wezethembiso zokhetho (manifesto) njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016.

u-Magwaza-Msibi, ongaconsi phansi kubalandeli be-NFP, uyena okulindeleke ukuba athule inkulumokulo kulo mcimbi ozokube usenkundleni yezemidlalo, i-Cecil Emmet Stadium, e-Vryheid.

Abaholi be-NFP bebelokhu behla benyuka maphakathi nesonto bekhankasa ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natali kanti sebefunge bagomela ukuthi inkundla yonke izobe ifana nesithelo se-orange, nokuwumbala waleli qembu, ngenxa yokugcwala.

uMagwaza-Msibi uphinde abe ngu-Deputy Minister of Science and Technology.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: NFP Facebook page

Related Posts