I-ANC isibamemezele ezogadla ngabo komasipala

Iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), seliwamemezele amagama alabo abazomela leli qembu njengezimeya (mayoral candidates) komasipala uma leli qembu lidla umhlanganiso okhethweni lomasipala mhla zintathu ku-August 2016.

Kodwa-ke kulolu hla akekho uzomela leli qembu e-Tshwane njengoba leli qembu lithi lisaxhumana nezinhlaka zeqembu kwi-region.

u-Kgosientso Ramokgopa uyena oqhoqhobele lesi sikhundla sobumeya kulo masipala oyi-metro kanti akucaci noma usazobuyela yini kulesi sikhundla.

Amaqembu aphikisayo ikakhulukazi i-Democratic Alliance (DA) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) awuconsela amathe lo masipala kanti kunemibiko ethi ukwesekwa kwawo kuyakhula kulo masipala.

Njengoba kade kulindelekile, uZandile Gumede, uyena osezoqhoqhobala isikhundla sokuba yimeya eThekwini uma i-ANC inqoba kulo masipala nalapho ezothatha izintambo kulowo oyiMeya yeTheku, u-James Nxumalo.

Nase-Ekurhuleni Metropolitan Municipality zizoshintsha izinto njengoba leli qembu selizogadla ngo-Mzwandile Masina, nokusho ukuthi lowo oyiMeya, u-Mondli Gungubele, angeke esabuyela ezintanjeni.

uKhongolose uzwakalise ukuthi ugculisekile futhi uyabethemba laba ozogadla ngabo okhethweni nalapho uthi uzozidlela amahlanga kwizimbangi zawo.

Leli qembu libe selinxusa izinhlaka zeqembu kanye nomphakathi ukuba ubeseke laba abazomela iqembu.

Lawa ngamagama alabo abazomela i-ANC komasipala abahlukene:

Metropolitan Municipalities

  • Mangaung Metropolitan Municipality: Cde Olly Mlamleli
  • Buffalo City Metropolitan Municipality: Cde Xola Pakati
  • Nelson Mandela Metropolitan Municipality: Cde Danny Jordan
  • City of Cape Town: Cde Xolani Sotashe
  • City of Ekurhuleni: Cde Mzwandile Masina
  • City of Joburg: Cde Parks Tau
  • City of Tshwane: XXXXXXXX
  • eThekwini Metropolitan Municipality: Cde Zandile Gumede

 

Free State

Mangaung Metropolitan Municipality

Olly Mlamleli (Female)

Fezile Dabi District Municipality

Oumix Oliphant (Female)

Metsimaholo Local Municipality

Brutus Mahlaku (Male)

Lejweleputswa District Municipality

Sebenzile Ngangelizwe (Male)

Matjhabeng Local Municipality

Nkosinjani Speelman (Male)

Thabo Mofutsanyana District Municipality

Malefu Vilakazi (Female)

Xhariep District Municipality

Motshewa Sehanka (Female)

 

Eastern Cape

Alfred Nzo District Municipality

Sixolile Mehlomakhulu (Male)

Amathole District Municipality

Winnie Nokhwezi Xawa (Female)

Chris Hani District Municipality

Kholiswa Vimbayo (Female)

Buffalo City Metropolitan Municipality

Xola Pakati (Male)

Joe Gqabi District Municipality

Zibonele Dumzela (Male)

Nelson Mandela Metropolitan Municipality

Danny Jordaan (Male)

OR Tambo District Municipality

Nomakhosazana Meth (Female)

Sarah Baartman District Municipality

Khunjuzwa Eunice Kekana (Female)

 

Limpopo

Capricorn District Municipality

John Mpe (Male)

Polokwane Local Municipality

Thembisile Nkadimeng (Female)

Sekhukhune District Municipality

Stan Ramaila (Male)

Greater Tubatse Local Municipality XXXX

Mopani District Municipality

Nkakareng Rakgoale (Female)

Greater Tzaneen Local Municipality

Maripe Mangena (Male)

Waterberg District Municipality

Morris Mataboge (Male)

Mogalakwena Local Municipality

Andrina Matsemela (Female)

Lephalale Local Municipality

Moloko Jack Maeko (Male)

Vhembe District Municipality

Florence Radzilani (Female)

Musina Local Municipality

Ethel Mihloti Muhlope (Female)

 

Mpumalanga

Ehlanzeni District Municipality

Jester Sidel (Female)

Steve Tshwete Municipality

Mike Masina (Male)

Mbombela Local Municipality

Sibusiso Mathonsi (Female)

Nkangala District Municipality

Linah Malatjie (Female)

Gert Sibande District Municipality

Muzi Chirwa (Male)

Emalahleni Local Municipality

Lindiwe Ntshalintshali (Female)

Govan Mbeki Local Municipality

Ethel Maboa-Boltman (Female)

 

Western Cape

City of Cape Town

Xolani Sotashe (Male)

 

Gauteng

City of Ekurhuleni

Mzwandile Masina (Male)

City of Johannesburg

Parks Tau (Male)

Mogale City Local Municipality

Peace Mabe (Female)

West Rand District Municipality

Boyce Maneli (Male)

Emfuleni Local Municipality

Simon Mofokeng (Male)

Sedibeng District Municipality

Busisiwe Modisakeng (Female)

Lesedi Local Municipality

Lerato Maloka (Female)

Midvaal Local Municipality

Tefo Stefans Molakeng

 

North West

Bojanala District Municipality

Fetsang Mokati

Rustenburg Local Municipality

Mpho Khunou

Madibeng Local Municipality

Jostine Mothibe

Ngaka Modiri Molema District Municipality

Justice Makolomakwa

Mahikeng Local Municipality

Betty Diakanyo

Dr. Ruth Segomotsi Mompati District Municipality

Boitumelo Mahlangu

Dr. Kenneth Kaunda District Municipality

Barei Segotso

Matlosana Local Municipality

Washington Ntozini

Municipality 405 (Tlokwe/Ventersdorp)

Khotso Khumalo

 

KwaZulu-Natal

Zululand District Municipality

Innocent Sipho Nkosi

Uthukela District Municipality

Siphiwe Mazibuko

Umkhanyakude

Solomon Mkhombo

Ilembe

Siduduzo Gumede (Male)

Harry Gwala District Municipality

Mluleki Ndobe

Mzinyathi District Municipality

Lindokuhle Ngubane

Ugu District

Tolomane Mnyayiza

uThungulu District Municipality

Nonhle Mkhulisi

uMsunduzi

Themba Njilo

 

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ANC facebook page

Related Posts