Indodakazi yethule inkulumo ka-VZ kowe-manifesto ye-NFP

Indodakazi yalowo onguMengameli we-National Freedom Party (NFP), uZanele kaMagwaza-Msibi, iyona eyethule inkulumo egameni lakhe ngenkathi i-NFP yethula usomqulu wayo wezethembiso zokhetho (manifesto) e-Vryheid, ngoMgqibelo.

Izinkulungwane zabalandeli be-NFP beziphume ngobuningi bazo ukuzozibonela umholi waleli qembu okukuqala  ngqa emva kokuhlaselwa ukugula nalapho okubikwa ukuthi washaywa yisifo sohlangothi (stroke), ngo-November 2016.

OkaMagwaza-Msibi bekukade kulindeleke ukuba kube nguyena othula umhlahlandlela weqembu wokhetho kodwa lokho kugcine kungenzekanga njengoba ugcine uthulwa uNobhala Jikelele we-NFP, uNhlanhla Khubisa.

u-Gugu Gumede, oyindodakazi kaMagwaza-Msibi, yena uthule inkulumo egameni lalo mholi nalapho egcizelele khona ukuthi leli qembu libe nokubumbana waphinde wagxeka labo abaqembuka eqenjini.

 uMagwaza-Msibi uye wakhuluma kancane ngenkathi ebingelela abalandeli beqembu nalapho kuhwaze khona izihlwele ngaphambi kokuba indodakazi kube iyona efunda inkulumo yakhe.

Kuye kwaba nenjabulo kubalandeli baleli qembu ababegqoke umbala o-orange ngenkathi kutheleka uMagwaza-Msibi enkundleni yezemidlalo, i- Cecil Emmet Stadium, khona e-Vryheid.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.o.za

Image: www.nfp.org.za

Related Posts