Odokotela bathi mancane amathuba okusinda: VZ

uMengameli we-National Freedom Party (NFP), uZanele kaMagwaza-Msibi, uthi odokotela bamutshela ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi asinde kulandela ukuhlaselwa kwakhe yisifo sohlangothi (stroke) esekhaya lakhe, e-Newcastle ngo-November 2014.

Lokhu kwaholela ekutheni lo mholi abe kwi-coma izinsukwana.

OkaMagwaza-Msibi uye wavela okokuqala phambi kwezinkulungwane zabantu ngenkathi i-NFP yethula usomqulu wayo wezethembiso zokhetho (manifesto) enkundleni yezemidlalo, i- Cecil Emmet Stadium, e-Vryheid.

Iye yahlokoma inkundla ngenkathi kutheleka uMagwaza-Msibi kule nkundla yezemidlalo nangesikhathi esebingelela abalandeli beqembu.

Kodwa-ke indodakazi yakhe, uGugu Gumede, iyona egcine yethula inkulumo egameni lalo mholi.

Kule nkulumo, okaMagwaza-Msibi, udalule ubunzima asedlule kubona ngesimo sakhe sempilo selokhu azunywa ukugula ngo-November 2016.

“Mhla ziyi-16 November 2014, ngashaywa yisifo sohlangothi ekhaya lami elise-Newcastle. Ngaba kwi-coma izinsuku. Umndeni wami wawusuzilungiselela okubi njengoba odokotela banginika amathuba angama-30% okusinda.

“Bawazisa ukuthi uma kwenzeka imilingo ngisinda, futhi ngikwazile ukusinda, angeke ngisaphinde ngikwazi ukuhamba noma ukukhuluma,” kubeka uGugu ngenkathi efunda amazwi kaMagwaza-Msibi.

Oka-Magwaza-Msibi uphinde abe ngu-Deputy Minister of Science and Technology.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: www.nfp.org.za

Related Posts