Kushone oyedwa, kwalimala abane kugingqika imoto

Kushone owesilisa oyedwa kwaphinde kwalimala abanye abantu abane ngenkathi imoto ebebehamba ngayo igingqika emgwaqeni onguthelawayeka, u-N3, phakathi ko-Umlaas kanye ne-Camperdown, ngeSonto.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko emva nje kwehora lesihlanu ntambama.

Bathi bathole imoto ebilimele kabi ime ohlangothini lwezimoto ezihamba kancane emgwaqeni ongu-highway.

“Kubukeka sengathi bonke abagibeli baphonseke ngaphandle kwemoto ngenkathi igingqika.

“Owesilisa utholakale ebangeni elingamamitha amambalwa nemoto enokulimala okubi. Ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile khona endaweni yesigameko. Omunye wesilisa obelimele kabi ekhanda utholakale eduze nemoto,” kubika abakwa ER24.

Abanye abantu abathathu nabo kubikwa ukuthi batholakale belimele khona endaweni yesigameko.

Abakwa-ER24 bathi abalimele bathole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela i-Edendale kanye ne-Northdale Hospital ngokwehlukana.

Kukholakala ukuthi laba baneminyaka ephakathi kwengama-30 kanye nengama-40 ubudala.

Akukacaci ukuthi kube yini imbangela yokugingqika kwale moto.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts