Abalisa ababili bakhalelwe amasango kaSigonyela ngezinsolo zokuthi batholakale begwinye inqwaba yezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine, nabebehlose ukungena nazo kuleli, esikhumulweni sezindiza, i-OR Tambo International Airport, e-Gauteng.
Ngokombiko wabakwa-South African Revenue Service (SARS,) laba ababili baboshwe beqeda kwehlika endizeni ebivela edolobheni i-Sao Paulo, kwelase-Brazil.
“La bagibeli bamisiwe, njengoba oyedwa wabo ebesehlonzwe njengomuntu okungenzeka ukuthi ugwinye izidakamizwa,” kusho abakwa SARS bengenza nangokuthi umsolwa wesibili yena ukhombise izenzo ezisolisayo.
Babe sebeyiswa esibhedlela ukuze bahlolwe ingaphakathi (X-rays) nalapho kube sekutholakala khona ukuthi umgibeli wokuqala ubemumethe okuqukethe izidikamizwa okungama-58 esiswini sakhe ngenkathi omunye yena ebemumethe okungama-41 esiswini.
Zilinganiselwa ku-1.4 kg, ngokwesisindo, izidakamizwa okutholakale ukuthi bezigwinywe yilaba balisa.
Laba babe sebeboshwa maqede baqashwa ngeso lokhozi ukuze bakhiphe lezi zidakamizwa ababezigwinyile.
Image: Wikipedia.org